Amaphupho Ombango (what dreams mean)


Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine bengasazwani. Kanti manje sekuyabangwa ngisho namabhizinisi, izikhundla njalonjalo. Kulabo abanenhlanhla yokuziphuphela, lamaphupha uma bekwazi ukuwalandela bagcina sebekwazi ukuwahlaziya. Kuhle kakhulu ukuthi umuntu alinake iphupha lakhe ikakhulukazi uma ekholelwa kakhulu emadlozini ngoba asuke emtshela okuthize.

Ukuphupha izinkomo
Uma kwenzeka umuntu evamise ukuphupha izinkomo zimjaha zifuna ukumhlaba ngezimpondo kuze kushunqe uthuli impela. Lapho usuke uphupha ngombango nakanjani kusuke kukhona umuntu osuke ekubangisa. Mhlawumbe kokuthize osuke ukwenza futhi ayibonayo ukuthi uyaphumelela kuyona. Amadlozi akho asuke ekutshengisa noma ekuxwayisa ukuthi kukhona umbango okhona. Kwabaganile bangaze bacabange ukuthi abantu babo abathembekile kanti kuyenzeka ukuthi kusuke kungumuntu ofisayo ukuthandana nomuntu wakho kodwa akamtholi, mhlawumbe asebenzise umuthi wokuthi akuchithe emzini wakho noma ibhizinisi lakho lingahambi kahle noma emsebenzini.

Ukuphupha izinja
Njengabantu sinezinkolelo ezingafani ngezincazelo zamaphupho njengokuthi abanye ukuphupha inja bakuncikisa kakhulu namaphoyisa njengokuthi azofika emzini wakho. Kodwa ake sibheke uma lowomuntu ophuphayo engenayo into engamlethela amaphoyisa kodwa aqhubeka aphuphe izinja zimkhonkotha, zimjaha zifuna ukumluma. Usuke exwayiswa ukuthi kukhona izitha eziningi anazo futhi ezihlangene ngaye zimsebenzisela isichitho. Okubi ngaleliphupho ukuthi uma izinja lezo zikuluma kusuke sekungena sona lesichitho esibi. Abantu labo abasuke behlangene ngawe basuke bengafuni ukuthi uphumelele.

Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma uphupha inja kusuke kuwumuntu wakini ongasekho. Okubalulekile lapha ukuthi uma uphupha isewumdlwane futhi ingakhonkothi, ikhombisa ukumjabulela kuhle lokho, hhayi uma isimjaha, imluma futhi ikhonkotha kusuke kungasezona izidalwa zakini lezo. Ngoba ngisho nezalukazi zithi uma umakoti eganele emzini ekufuywe kuwona izinja ezaziwayo ukuthi ziyaluma kodwa yena zingamenzi lutho uma evakashile lokhu kuchaza ukuthi amadlozi emthandile. Kodwa uma zikuluma bathi umakoti akapheleli kulowomuzi ngisho ngabe uzama kanjani ukuhlala umendo wakhe awubi muhle.

Izinja zona ziyingxenye yempilo yabantu njengoba bezifuyela izinto ezahlukene. Lapha isifundo ukuthi ngeke umuntu wakini ongasekho afike ephusheni ezokuluma, kungabe wenzeni wena embi? Kumele abantu bakwazi ukuhlukanisa izinto njengokuthi noma ngabe iphupho lichaza izinto eziningi kodwa umuntu abheke ukuthi belinjani lona leliphupho. Kufana nazo inkomo uma kade ubuziphupha usuphupha eyodwa ikukhothamele kusuke kungasho into embi kuyenzeka kube umuntu wakini ongasekho efuna umenzele into ethile. Kwesinye isikhathi uma kade unezitha kusuke kusho ukuthi usunqobile.

English Summary
It is important to note that there are people who are lucky enough that they don’t need to consult dream analysers because when they dream of something it happens the way it was on the dream. In this article we look at rivalry which can also lead to death. In the olden days when people spoke of rivalry it was between two women fighting over a man but today it can be anything, job; businesses; positions etc. it is important for people to remember their dream and as it happens especially if they believe in ancestors.

Here were are looking at two main animals a cattle and a dog that people usually dream about but have different meanings. It depends on what your belief is then your dream will be associated with that. It is important to note that the target or the person who is dreaming is not aware of the dispute in these dreams ancestors are warning the dreamer.

Cattle
When someone dreams that they are being chased by a cattle and it wants to stab them with its horns: it means there is a person who is competing or a rivalry that is trying to do something bad to you. And this dream is a warning from your ancestors. To married couple, one might think that their partner is unfaithful whereas the dream can only mean someone has eyes over the partner. People can use umuthi to get what they want or to make your business to lose customers.

Dogs
Dreaming of dogs can be confused as ancestors because dogs are associated with ancestors. But only if it’s a puppy and it looks happy to see you only then you can be happy. When it is barking and chasing you that is a very bad dream and it means there are people close to you who are planning something bad against you. If the dog gets to you and bites you it means the spell that they are casting against you will work and only a traditional healer can help you. And it is also believed that when a young bride arrives at her in laws house and they have dogs that are known for biting people and the dogs don’t do anything to her it means she is accepted by the ancestors. But if they bite her it is a sign that she won’t survive long in her marriage no matter what she does.

Moral of this article is that you family member will not hurt you or do something that will cause you pain. Even when you dream of a single cattle bowing in front of you that can mean well but a request from ancestors that you should slaughter a cattle for them. And it can mean success against your enemies.

Comments