Amaphupho Okuphonswa (dreams of bad spell meaning )


Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

• Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.

• Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakuhudela, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.

• Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.

• Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: Usuke efuna ukuthi ufe. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.

Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi
Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

English Summary
This article looks at dreams are associated with people who cast bad spell to others, it may be love associated or death. This is done by an individual that is still alive. It can be associated with witch craft. It may lead to death in some cases. This is caused mainly by jealousy.

• When you dream of somebody calling you to dark halls or area and you are walking pass him and you see him carrying something and then you end up fighting and you fall in to a room. And when you try to escape he closes the door. At the end you are able to escape and he ends up threatening you: This means that the person you saw in your dream is casting a bad spell at you and he wants you dead. You may know that person and he can be part of your family or friends. It is said that if in your dream you end up being trapped in the room that you fell in you will die.

• When you dream carrying your child that is around the age of 5 and it poo: This means there is someone casting you with tokoloshe that it should stay in your household or for it to become your sexual partner without you knowing it. To a female the dream is about having a sexual intercourse with a male. This can lead to people disliking you or saying you are boring them. It is said that child’s stool should not by anyway smear you in the dream because the fact is that is tokoloshe.

• When you dream that someone is throwing stones at you and you are trying to escape. These stones should not hit or touch you. This means there is someone who is casting a bad spell using stones to hit you and he sends the stones to hit you.

• When you dream that you are being held by someone hanging on a cliff, that means someone wants you dead. In this matter, you should consult with traditional healers to seek help.

A man that casts a spell on a woman for love
There are situations where a man or a woman is attracted to someone and they are scared of telling them. Or in some cases they are aware of the attraction but the other party is not interested. Some men are just scared of women because of their characters and this may lead to a man using umuthi to cast a love spell so that the woman will fall in love with him.

The woman will start dreaming about being in a relationship with that person. This will develop feelings in a woman and even when she is not sleeping she will day dream being with that person. This is regarded as a better way of casting love spell because others can lead to worse behaviours where a woman will run away from her home to be with the man.

Comments