Amaphupho Okufa (what death dreams mean)


Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywe uvalo kodwa bungekho ubungozi.

Ukufa
• Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada umuntu noma umbone ukuthi ngubani oshadayo kuyenzeka ukuthi kushone lowo osuke umbonile.
• Uma uphupha kunesivunguvungu somoya omnyama kube sengathi kuyabophana esiswini. Noma kanjani kukhona ozohamba, umuntu wakini ozalwa naye esiswini esisodwa.
• Uma uphupha ukhokhela umuntu wemoto imali kodwa imoto ihambe njalo ingami uze uphaphame. Usuke uphuphela umuntu wakini kungaba yingane yakho oyizalayo.
• Uma uphupha umuntu omaziyo ehamba ngemoto engehliki kuyona, lowomuntu uyahamba emhlabeni.
• Uma uphupha kunabantu abaningi behlanganyela umuzi bewakha ngokushesha. Kuba ngumakhelwane wakho, umngani wakho omkhulu noma umuntu omjwayele nje.
• Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo nemoto yasemakhazeni. Kungashona umuntu wakini noma umakhelwane.
• Uma uphupha izimpahla eziningi zokugqoka nempahla yasendlini endala. Kukhona ozohamba emhlabeni.
• Uma uphupha amanzi amaningi ekungaba ahlanzekile noma angcolile kuchaza isifo. Amanzi angcolile ayasibika isisu noma umuntu okhulelwe.

Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa
• Uma uphupha izithelo eziningi ezahlukene. Kuyenzeka uphuphela umuntu wakini noma umngane wakho okhulelwe.
• Uma uphupha udla izithelo kusuke kunguwena ozokhulelwa noma kanti vele usukhulelwe.
• Uma uphupha ubhukuda emanzini angcolile noma udaka olunamanzi ubisha kulona kusuke kunguwena okhulelwe.

Kukhona abantu abakwaziyo ukuthi baziphuphele bona uma bekhulelwe kodwa isikhathi esiningi umuntu osuke ephushelwa ngomunye.
Kukhona iphupho othi uma usukhulelwe nabantu sebazi ukuthi ukhulelwe kodwa uthole ukuthi umuntu omdala ekhaya uzophupha futhi kodwa esebona ubulili bengane kulelophupho. Kunenkolelo yokuthi lelophupho lisuke lichaza ukuthi ingane iyisibusiso usuke uyiphiwe amadlozi akini.

Kodwa inkinga ibalapho lengane uma isizelwe ivamise ukugula kakhulu. Ikakhulukazi uma ingahlawulelwanga kubo lapho izalwa khona. Izidalwa zivamise ukuyibanga. Futhi nawe mzali wengane kufanele ingane yakho uyibonge uma isizelwe ngoba inenhlanhla. Noma izobonwa kumele uyenzele okuthile ukugaya utshwala besintu nenyama yangaphakathi beze omakhelwane bayibone.

Kunamaphupho esikwaziyo ukuthi uma uwaphuphile wenze okuthile ukuze ukwazi ukugwema okungase kuvele. Kodwa awokufa nawokukhulelwa awukwazi ukuvimba noma ukugwema uma sekwenzekile. Kodwa kubalulekile ukukhumbula amaphupho osuke uwaphuphe ebusuku ngoba awusizo.

English Summary
There are signs when someone is going to die and some people dream about these things. Some are lucky to even see who is going to die. In some families they have diarrhoea without no particular reason, this happens when someone is sick.

Death
• When you dream of a wedding party and you see someone that you know in that dream getting married; it might happen that that person might die.
• When you dream that there is strong dark wind and you have stomach cramps. That is a sign that your sibling is going to die.
• When you dream that you are paying in a public transport but the car drives on instead of dropping you this means that someone close to you will die, it can also be your own child.
• When you dream of someone you know in a car and they don’t jump off, that person is going to die.
• When you dream that a group of people are building a house, this may mean that it might be your neighbor, friend or someone you acquainted with will die.
• When you dream of a coffin or hearse. Your sibling or neighbor will die.
• When you dream of old furniture and a pile of clothes it means someone will die.
• When you drink of water (clean or dirty) this mean something bad is going to happen. Dirty water can also mean someone is pregnant.

Dreams associated with pregnancy
• When you dream of different fruits. A family member or friend is pregnant
• When you dream that you are eating fruits: you are the one pregnant or you are going to fall pregnant.
• When you dream that you are swimming in muddy water: it means you are the one that is pregnant.

Some people can dream for themselves when they are pregnant but in most cases they dream for other people. Others can also dream of the gender of the unborn child. It is said that this mean the child is a blessing from the ancestors. But in most cases this child is mostly sick once it is born especially if the father did not pay for the damages. The ancestor’s fights over it and the parent should do a ceremony of thanking the child and also to prepare sorghum beer and cook cow insides when neighbours come to see the new born. There are dreams that people can perform rituals to stop something bad from happening.

Comments

  1. Uma uphupha ugwazwa ngomese uzibone uphuma igazi
    Singabe sisitshoni lesi isitsho

    ReplyDelete
  2. Uma uphupha indlu enkulu enhle

    ReplyDelete
  3. Mina ngididekile izingane zami ziphuphe mina ngishonile ene sekukabili

    ReplyDelete

Post a Comment