Amaphupho Ebhadi (what dreams associated with bad luck mean)


Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo.

• Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumelele.

• Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.

• Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi: Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.

• Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo: Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazosithola. Noma kusuke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini.

• Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena: Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.

English Summary
Dreams associated with bad luck don’t need to be analysed they are straightforward. When you dream that:

• You are in a dark place it means it will be hard for you to succeed from that. Your ancestors are showing you that some areas in your life are bad. Bad luck can be caused by a witch who is making sure nothing in your life will be perfect. Even when you try to succeed nothing goes well.

• Swimming in dirty water and in it you see a naked baby and you try to save it but you can’t and you end up in a dark place. This dream is mostly associated with females who have suffered miscarriage. The baby in the water is the foetus that was miscarried. This dream explains where the bad luck comes from. The baby is a sign that it has grown and as a parent certain rituals should be performed. A cleansing ceremony can be done followed by a ceremony of naming and putting clothes on the child.

• Someone showing you their naked butt this means bad luck is coming your way. Sometime you will see someone that you know and they are the one who is casting a bad spell to you. This dream is associated with women who are dating one man.

• Someone giving you money and comes another one taking it away: this is bad luck and this means someone used umuthi to take away your luck and owned it. This is associated with rivalry among siblings because only the person related to you by blood who can be able to do this as you share ancestors.

• Somebody is giving you old clothes or asking you to wash their clothes and the water is dirty. This means someone is casting a bad spell to your household. Some case you dream that someone is giving you bronze coins or you picking them up. You are being warned that there are things that are going to be hard in your life. And some dreams are a warning of things that are man made by witches

Comments

  1. Uma uphupha umfazi womlungu agcoka izimpahla kusho ukuthini

    ReplyDelete

Post a Comment