Izisho Lezingcazelo (Ndebele Zulu Idioms)


Ukunyathela ngabantwana ∼ Ukuba nezitho ezinhle.

Ukuphehla uzuthu ∼ Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.

Ukupheka inyama ngomhluzi wenye ∼ Ukuhlaba njalo.

Ukuphonsa kwenkunzi ∼ Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.

Ukuphuma amathambo ∼ Ukukhumuka kwamazinyo obungane.

Ukuqhuba intwala ngewisa ∼ Ukwedelela.

Ukuqhuma abathakathi ∼ Ukuvela kwamazinyo enganeni.

Ukusenga inkomo nenkonyane ∼ Ukungabi nasimilo.

Ukusenga ezimithiyo ∼ Ukuqamba amanga.

Ukusengela ophondweni ∼ Ukonela umuntu into yakhe.

Ukusengela umuntu esigujini ∼ Ukulutha ufake enkathazweni.

Ukushaya utshani ∼ Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.

Ukushisela uphondo ∼ Ukususa uthuthuva.

Ukusongela inkomo ingakahlatshwa ∼ Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.

Ukuthola isisu ∼ Ukukhulelwa.

Ukuthola umntwana ∼ Ukubeletha.

Ukuthwala ilunda ∼ Ukuzazi.

Ukuzalela phansi ∼ Ukushonelwa abantwana.

Ukuzichoma kumalunda ∼ Ukuzithintela, uzithele enkingeni.

Ukuzizala ∼ Ukuzala umntwana ofana nawe.

Ukweqa izinyawo zenkosi ∼ Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.

Ukweqela inkomo ∼ Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Ukuba yinkomo enombala ∼ Ukwaziwa abantu bonke ukuthi ungumuntu onjani.

Ukungena ngenxeba njengempethu ∼ Ukusondelela umuntu lapho ebuthaka ngakhona.

Ukondlela impuku eweni ∼ Ukwenza into engeke yakusiza ngalutho.

Ukudla ezamahole ∼ Ukuzifaka wena ngokwakho enkingeni.

Ukudla mfundambili njengemboma ∼ Ukufuna izinto zonke zibe ngezakho, ukuba yigovu.

Ukweqela inkomo ∼ Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Ukudla wesulele phansi njengenkukhu ∼ Ukwenza izinto ube uphika.

Ukuqaphe eqolo njengonwabu ∼ Ukuqikelela noma iyiphi ingozi engase ikwehlele.

Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼ Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.

Ukuba mtshingo ubethwa ngubani Ukuba intandane.

Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼ Ukuhaha.

Ukuba nkomo Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.

Ukuba yinyoka ∼ Ukuba nobuqili obufihlakele.

Ukubamba isisila sehobhe∼ Ukuthembela entweni engenampumelelo.

Ukubeka icala Ukumangalela umuntu.

Ukubeka inkunzi ∼ Ukuphawula inkunzi.

Ukubhodlela emswanini  ∼ Ukukhala emva kwendaba.

Ukubhongela emswanini ∼ Ukukhala emva kwendaba.

Ukubophela amanqina enyathi ∼ Ukwakhela uzungu.

Ukubukana ngeziqu zamehlo Ukungezwani.

Ukubulala inyoka ∼ Izinto noma abantu abaningi.

Ukubuya inhlazane Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.

Ukubuya nempande yesikhova ∼ Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama, usuke ungazuzanga lutho.

Ukucela induku ∼ Ukwedelela okudala impi.

Ukuchathazelwa kwelengane Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.

Ukuchitha kwenkabi ∼ Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.

Ukuchunywa imfuyo ∼ Ukwandelwa imfuyo.

Ukucupha uchuku ∼ Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.

Ukudla impundu ∼ Ukuba umuntu okhohlwayo.

Ukudla ubhedu ∼ Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.

Ukudla udaka ∼ Ukuhlupheka.

Ukudukuza oswini ∼ Ukungabi namqondo, udidekile.

Ukufaka kwenkomo ∼ ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.

Ukufaka Umunwe esweni ∼ Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.

Ukufinya ngolimi njengenkomo ∼ Ukuhlupheka noma ukweswela izinto eziwusizo.

Ukugaqela eziko njengengane ∼ Ukuzisondeza engozini.

Ukugodla ubisi ∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.

Ukuguda inkomo ∼ Ukusenga inkomo engasenankonyane.

Ukugxaza amanzi njengencuba ∼ Ukuhlupheka, ukuba mpofu.

Ukuhlaba usentu ∼ Ukuqhwitha umhlabathi.

Ukuhlahla inhloko ∼ Ukuklabela ukhanda lwenkomo.

Ukuhlala phezu kwezikhali ∼ Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.

Ukuhlamba imikhonto ∼ Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.

Ukuhloba kobisi ∼ Ukuvuthwa kobisi.

Ukuhosha umongulo ∼ Ukusenga izimfihlo.

Ukuhudula izikhumba ∼ Ukuhona

Ukujikela eshobeni Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.

Ukukhipha inhlazane ∼ Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.

Ukukhiphela inkonyane ∼ Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.

Ukukhunga umntwana ∼ Ukupha umntwana izipho.

Ukukhwela phezu kwendlu njengenja ∼ Ukwedelela abadala kunawe.

Ukulala ngenkomo ∼ Ukuzivikela.

Ukulala ngophondo ∼ Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.

Ukulandela amabheka ∼ Ukufuza ekhabonina.

Ukuma ngenkomo ∼ Ukuma ubambelele ehawini.

Ukumisa amanhlakomuzi ∼ Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.

Ukuncelisa amawele ∼ Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.

Ukuncelisa umbele ofile ∼ Ukukhohlisa.

Comments