Izinyanga Zonyaka (Months of the Year) in Ndebele / Zulu


Unyaka uhlukaniswe izingxenye ezine:
– Intwasahlobo
– Ihlobo
– Ikwindla
– Ubusika
Izinyanga zonyaka ngesiZulu
UMasingana (January) – omama sebeqala ukusinga izigabe ngaphansi kwamagwagwa ezintanga esizigubhazela ngenxa yezinkinga zasehlobo.
UNhlolanja (February) – ngalesi sikhathi sonyaka izinja ziyalandelana ezesilisa zikhwelana nezesifazane.
UNdasa (March) – izingane zidansizela ngesisu nakhu phela ukudla kwasehlobo sekuyadliwa njengombila.
UMbasa (April) – kusuke sekuqala ukuba makhaza abadala baqala ukubasa umlilo lapho seliyozilahla konina.
UNhlaba (May) – sekuqala ukuhlwa amakhaza manje ubusika sebuyangena.
UNhlangulana (June) – izihlahla seziqala ukuhlangula amaqabunga azo, ubusika sebungene.
UNtulikazi (July) – izwe seligcwala izintuli nakho phela sewishiza umoya wasebusika.
UNcwaba (August) – izwe lisuka selincwaba selembatha uhlaza ebukade buphundlwa ubusika izulu selizokuna kutshalwe.
UMandulo (September) – usuke unyaka wethwese selina sebeqalile abantu ukwandulelisa.
UMfumfu (October) – izihlahla ezithelayo nezitshalwa emasimini seziyamfumfusa.
Ulwezi (November) – inyanga okukhala ngayo kahkulu amaxoxa nezilwane ezincane okuthiwa ulwezi.
UZibandlela (December) – izindlela seziqala ukuvaleka ngoba sekuhluma izikhotha nakhu phela seliyana izulu.
English Summary
A year is divided into four seasons:
– Spring
– Summer
– Autumn
– Winter
Months:
January – women usually go to their gardens looking for good remaining plants as most of it is not good by that time due to bad weather.
February – dogs chase each other for sexual practice.
March – kids with some big bellies as they had lot of food by that time.
April – weather starts to become colder, elders usualy sit around the fire when the sun sets.
May – sun sets earlier.
June – trees and plants start to lose their leaves.
July – more dust due to windy winter.
August – trees and plants, produce new leaves and fruit& fresh product.
September – more rain, which boost plants.
October – plants grow progressively.
November – noise from frogs and insects welcoming summer ” voice of mother nature”.
December – informal paths become less due to weeds.

Comments

Post a Comment