Izaga Lezingcazelo


Libheke uligcine ∼ Osongela omunye ngokumbulala.

Lixhoshwa libhekile ∼ Iphutha lenzeka noma uqaphele.

Nalapho kungekho qhude kuyasa ∼ akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.

Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe ∼ Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.

Sobohla Manyosi ∼ Uyophela umbuso.

Ukhamba lufuze imbiza ∼ Ingane ifuze umzali wayo.

Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa ∼ Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.

Umkhumiso usulingene izintondolo ∼ Okusele sekulingene abanikazi bakho.

Umthente uhlaba usamila ∼ Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.

Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze ∼ Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.

Ungayishayi ingede ngoju ∼ Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.

Usifumbu ubona uqhaqhazela ∼ Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.

Yinkukhu nempaka ∼ Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.

Yimpi yakwamabon'abulawe Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.

Imbila yeswela umsila ngokulayezela ∼ Ungaze wathemba abanye ukuthi bakwenzele imisebenzi eqondene lawe.

Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼ Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.

Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼ Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.

Akukho thusi lathetha lilodwa ∼ Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.

Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.

Akuqhude lasindwa umzwezwe ∼ Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.

Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo ∼ Abantu abaphumeleli kanyekanye.

Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe ∼ Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.

Ayikho inkomo yobuthongo ∼ Impumelelo iyasetshenzelwa.

Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele ∼ Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.

Enethunga kayisengeli phansi ∼ Umnini wento akahlupheki ikhona.

Engakhali ifela embelekweni Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.

Ibhizela labulala indlovu ∼ Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.

Ikhiwane elihle ligcwala izibungu Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.

Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo ∼ Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.

Imiphanda ibulawa izakhelani ∼ Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.

Impi isesendeni ∼ Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.

Induku enhle igawulwa ezizweni ∼ Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.

Ingwe idla ngamabala ∼ Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.

Inja yawaqeda ngolimi ∼ Kancane kancane koze kulunge.

Inkomo ingazala umuntu ∼ Ngeke kwenzeke lokho.

Inkonjane iwele enkundleni ∼ Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.

Inkonjane yakhela ngodaka ∼ Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.

Intendele ibindwe isidwa ∼ Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.

Intendele iwel'enkundleni ∼ Inhlanhla izizele.

Into yomuntu umhluzi wempisi ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.

Inxeba lendoda alihlekwa ∼ Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.

Iqaqa alizizwa ukunuka Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.

Isalakutshelwa sibona ngomopho ∼ Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.

Isilo siyawafinyeza amazipho ∼ Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.

Kazi iyozala nkomoni ∼ Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.

Kubambene ingwe nengonyama ∼ Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.

Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe ∼ Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.

Comments